Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 34:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 ngesikhathi impi yenkosi yaseBhabhele ilwa neJerusalema nemizi yonke yakwaJuda eseleyo, iLakhishi ne-Azeka, ngokuba yiyo imizi ebiyelweyo eyayisele emizini yakwaJuda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 34:7
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bamenzela ugobe eJerusalema, wabalekela eLakishi; kodwa bathumela bamlandela eLakishi, bambulalela khona.


AmaRabi ayesebuya, afumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba yayizwile ukuthi isukile eLakishi.


Ngaphezu kwalokho, wakha imizi ezintabeni zakwaJuda, nasemahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.


Inkosi yase-Asiriya yathuma abaphathi baseLakishi eJerusalema enkosini uHezekiya nempi enkulu. Wema ngasemseleni wedamu elingenhla, emendweni wensimu yomhlanzi.


Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa nhlobo ngesikhathi sokucindezeleka kwabo.


Izwi elafika kuJehova kuJeremiya lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba yombuso wakhe, nabo bonke abantu belwa neJerusalema nemizi yalo yonke, lathi:


Kumemezeleni kwaJuda, nikumemezele eJerusalema; nithi: Vuthelani icilongo ezweni; bizani, nibuthane, nithi: Buthani, singene emizini evikelekile.


Sihlalelani? buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sithule khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usithulisile, wasinika inyongo ukuba sinathe, ngokuba sonile kuJehova.


Bophelani inqola esilwaneni esinejubane, enakhileyo eLagi; lokhu kungukuqala kwesono sendodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zifunyanwa kuwe.


Iyakuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izindonga zakho eziphakemeyo nezibiyelweyo othembele kuzo ezweni lakho lonke; uyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.


Ngakho u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi nakuJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, ethi:


Ngakho amakhosi amahlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi, inkosi yase-Egiloni, abuthana, akhuphuka, wona nawo onke amabutho awo, amisa phambi kweGibeyoni nemizi yawo walwa nayo.


inkosi yaseJarimuthi, eyodwa; inkosi yaseLakishi, eyodwa;


noJarimuthi no-Adulamu, noSogo no-Aseka,


iLakishi neBoskati ne-Egiloni,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka