Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi nakuJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, ethi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:3
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.


Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.


Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; buya kimi; okubeka kimi ngiyakukwenza.” Inkosi yase-Asiriya yamnqumela uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta* angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.


Inkosi yase-Asiriya yathuma oTharithani, noRabi Sarisi, noRabi Shake ukuba basuke eLakishi, baye enkosini uHezekiya eJerusalema, benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.


ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,


lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.


Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Kwathi lapho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i-Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo, wayenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo nokuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,


Benze njalo-ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni: inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.


UJoshuwa wasuka eLakishi, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya e-Egiloni; bamisa malungana nalo, balwa nalo.


Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo, amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo.


Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki. Izwe lase liphumula ekulweni.


neHumitha, neKiriyati Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka