Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 10:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngakho u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi nakuJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, ethi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 10:3
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


UHezekiya inkosi yakwaJuda wathumela enkosini yase-Asiriya eLakishi, wathi: “Ngonile; suka kimi; lokho okubeka phezu kwami, ngiyakukuthwala. Inkosi yase-Asiriya yabeka uHezekiya inkosi yakwaJuda amatalenta angamakhulu amathathu esiliva namatalenta angamashumi amathathu egolide.


Inkosi yase-Asiriya yathuma uTharithani noRabisarisi noRabi-Sake besuka eLakishi enkosini uHezekiya nempi enkulu eJerusalema. Bakhuphuka, bafika eJerusalema. Sebekhuphukile, bafika bema ngasemseleni wedamu lasenhla, emgwaqweni omkhulu wensimu yomhlanzi.


no-Adoraim, neLakishi, no-Aseka,


Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.


Bophelani inqola esilwaneni esinejubane, enakhileyo eLagi; lokhu kungukuqala kwesono sendodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zifunyanwa kuwe.


Bakhuphukela eningizimu, bafika eHebroni; lapho kwakukhona o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, amadodana ka-Anaki. (IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kweSowani laseGibithe.)


Kwathi u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthumbe i-Ayi, wayishaya ngesiqalekiso; njengalokho enze eJeriko nasenkosini yalo, wenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo; nokuthi abakhileyo eGibeyoni benza kanjani ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo;


Benza kanjalo, bawaletha kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni.


UJoshuwa wayesesuka eLakishi, waya e-Egiloni, no-Israyeli wonke kanye naye; futhi bamisa ngokumelene nalo futhi balwa nalo.


Ngakho amakhosi amahlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi, inkosi yase-Egiloni, abuthana, akhuphuka, wona nawo onke amabutho awo, amisa phambi kweGibeyoni nemizi yawo walwa nayo.


Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.


neHumta, neKiriyatarba eliyiHebroni, neSiyori; imizi eyisishiyagalolunye nemizana yayo.


Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka