Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 1:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bophelani inqola esilwaneni esinejubane, enakhileyo eLagi; lokhu kungukuqala kwesono sendodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zifunyanwa kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bophelani enqoleni ihhashi elinejubane, nina enakhileyo eLakishi; lona lalingukuqala kwezono kuyo indodakazi yaseSiyoni, ngokuba iziphambeko zakwa-Israyeli zafunyanwa kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Nina enihlala eLakhishi, bophelani ihhashi enqoleni, kube kunguqala kwesono sendodakazi yaseZiyoni, ngokuba iziphambeko zika-Israyeli zitholakale kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 1:13
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.


Iyakukhulula u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, onisa ngazo u-Israyeli;


Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.


Baletha nebhali notshani bamahhashi namahhashi amancane, endaweni lapho izinduna zazikhona, kwaba yilowo nalowo njengokwesimiso sakhe.


Bamenzela ugobe eJerusalema, wabalekela eLakishi; kodwa bathumela bamlandela eLakishi, bambulalela khona.


Inkosi yase-Asiriya yathuma uTharithani noRabisarisi noRabi-Sake besuka eLakishi enkosini uHezekiya nempi enkulu eJerusalema. Bakhuphuka, bafika eJerusalema. Sebekhuphukile, bafika bema ngasemseleni wedamu lasenhla, emgwaqweni omkhulu wensimu yomhlanzi.


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.


no-Adoraim, neLakishi, no-Aseka,


Emva kwalokho uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wathuma izinceku zakhe eJerusalema (kodwa yena wavimbezela iLakishi nebutho lakhe lonke kanye naye) kuHezekiya inkosi yakwaJuda nakuwo wonke uJuda owayeseJerusalema, wathi:


Ungabophela inyoti ngebhande layo emseleni na? noma uzolandela izigodi kimi?


UMozisi wasesithi kuAroni: Lababantu benzeni kuwe ukuthi uzehlisele phezu kwabo isono esikhulu kangaka?


IMadmena iyasuswa; abakhileyo eGebimi bayabuthana ukuba babaleke.


Inkosi yase-Asiriya yathuma abaphathi baseLakishi eJerusalema enkosini uHezekiya nempi enkulu. Wema ngasemseleni wedamu elingenhla, emendweni wensimu yomhlanzi.


AmaRabi ayesebuya, afumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba yayizwile ukuthi isukile eLakishi.


Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.


Lapho impi yenkosi yaseBhabhiloni ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eyayisele, neLakishi ne-Azeka, ngoba le mizi eyinqaba yayisele emizini yakwaJuda.


Umuzi wonke uyawubalekela umsindo wabamahhashi nabacibishelayo; bayakungena emahlathini, bagibele emadwaleni; yonke imizi iyakushiywa, kungahlali muntu kuyo.


Lapho udadewabo u-Oholiba ekubona, wayekhohlakele kakhulu ngothando lwakhe oludlulele kunaye, nobufebe bakhe kunodadewabo ebufebeni bakhe.


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe kanye nezono zendlu ka-Israyeli. Siyini isono sikaJakobe na? akusilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? alilona iJerusalema na?


Ngakho u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi nakuJafiya inkosi yaseLakishi nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, ethi:


iLakishi neBoskati ne-Egiloni,


Kepha nginezinto eziyingcosana ngawe, ngokuba unabo lapho ababambe isifundiso sikaBileyamu owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ukuba badle okuhlatshelwe izithombe, benze ubufebe.


Kodwa ngilezinto ezinlutshwana ngawe, ukuthi uvumela owesifazana uJezebeli, ozibiza ngokuthi ungumprofethikazi, ukufundisa lokuduhisa inceku zami ukuthi ziphinge lokuthi zidle okuhlatshelwe izithombe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka