UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukuba ilichithe; kwathi esachitha, uJehova wakubona, wazisola ngobubi, wathi engelosini echithayo: “Kwanele, bamba isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
UJona 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga. IsiZulu 2020 UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo. |
UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukuba ilichithe; kwathi esachitha, uJehova wakubona, wazisola ngobubi, wathi engelosini echithayo: “Kwanele, bamba isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo.
Kungasiphi isikhathi engiyokhuluma ngaso ngesizwe nangombuso ukuba ngiwusiphule futhi ngiwubhidlize futhi ngiwubhubhise;
Uma leso sizwe engikhulume ngaso siphenduka ebubini baso, ngiyakuzisola ngobubi ebengicabanga ukubenza kuso.
Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa bonke ububi engicabanga ukubenza kubo; ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi; ukuze ngithethelele ububi babo lesono sabo.
Uma nisathanda ukuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha, nginganidilizi, nginitshale, nginganisiphula; ngoba ngiyazisola ngobubi engibenzile kini.
Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.
Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?
Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini.
Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
Yasuka, yaya kuyise. Kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wawa entanyeni yakhe, wayanga.