UJona 4:2 - Contemporary Zulu Bible 20242 Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova, akusikho lokho engakusho ngisezweni lakithi na? Ngalokho ngabalekela eTharishishi ngaphambili, ngokuba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nesihe, obhekakade, nochichima umusa, futhi uyaphenduka ebubini. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE2 Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi; Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20202 Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile. Uka jalj uñjjattʼäta |