Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJona 4:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJona 4:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba.


Uhlumisela izinkomo utshani, nezitshalo zokusebenzela umuntu, ukuze kuphume ukudla emhlabeni;


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane.


Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.


Khona uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wasuka wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukwala okubi futhi akhethe okuhle, izwe elizondayo liyoshiywa amakhosi alo amabili.


Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.


UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga.


Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukele umhlakuva, ongawusebenzelanga, ongawuyekanga ukhule; owavuka ngobusuku bunye wabhubha ngobusuku bunye;


Bekungafanele yini nawe ube nesihawu ngenceku kanye nawe, njengalokho nami ngakuhawukela na?


Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu ababengakwazi ngalolo suku okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka