Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 18:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Wathatha amabhotela, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwabo; wema nabo phansi kwesihlahla, badla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Waletha izaqheqhe, nobisi, nenyama yethole ayeyilungisile, konke lokho wakubeka phambi kwawo. Ngesikhathi lawo madoda edla, yena wayemi eceleni kwawo phansi kwesihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 18:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama wagijimela emhlambini, wathatha ithole elithambileyo nelihle, walinika ijaha; wayesekusheshisa.


Bathi kuye: “Uphi uSara umkakho na?” Wathi: “Bheka, etendeni.”


Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.


Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile.


Kufanele adle ibhotela noju lwezinyosi, ukuze akwazi ukwala okubi akhethe okuhle.


Futhi ngenxa yobisi oluningi abalunikezayo, uyodla ibhotela; ngokuba bonke abasala ezweni bayakudla ibhotela nezinyosi.


Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile;


Futhi kayikutsho kuye ukuthi: Lungisa engizakudla ngakho, ubhince, ungikhonze, ngize ngidle, ngidathe; andukuba udle, uphuze na?


Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.


Wakuthatha, wadla phambi kwabo.


Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni.


Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.


Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.


Ibhotela lezinkomo, nobisi lwezimvu, kanye namafutha amawundlu, nezinqama zohlanga lwaseBashani, nezimbuzi, kanye namanoni ezinso zikakolweni; waphuza igazi lamagilebhisi elicwengekileyo.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.”


Wacela amanzi, wamnika ubisi; waletha ibhotela esitsheni esimnandi.