Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Waletha izaqheqhe, nobisi, nenyama yethole ayeyilungisile, konke lokho wakubeka phambi kwawo. Ngesikhathi lawo madoda edla, yena wayemi eceleni kwawo phansi kwesihlahla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wathatha amabhotela, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwabo; wema nabo phansi kwesihlahla, badla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 18:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.


Athi kuye: “Uphi uSara umkakho na?” Wathi: “Nangu etendeni.”


Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.


Ngalolo suku amiswa amadoda ukuba abe ngabaphathi bamakamelo engcebo, nabeminikelo yokuphakanyiswa, nabolibo, nabokweshumi ukuba baqoqele kuwo njengamasimu emizi izabelo ezinqunyelwe abapristi namaLevi ngomthetho, ngokuba uJuda wathokoza ngabapristi namaLevi asebebekiwe.


Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.


bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga, ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.


Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.


Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na?


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Wakuthatha, wadla phambi kwabo.


Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.


kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.


namangqanga ezinkomo, nobisi lwezimvu, namafutha amawundlu, nezinqama zohlobo lwaseBashani, nezimbuzi, namanoni omongo kakolweni; egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ake sikulibazise, sikulungisele izinyane lembuzi.”


Wacela amanzi, wamupha ubisi, wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka