Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 5:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 5:13
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.


Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, nokho ngizenze isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.


Mina-ke ngiyakuthokozela kakhulu ukusebenzisa nokusetshenziswa ngenxa yenu; lanxa nginithanda kakhulu, ngithandwa kancinyane.


Ngakho ngiyalincenga ukuthi liqinise uthando lwenu kuye.


Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu.


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kweyesigqilakazi, enye kowesifazane okhululekileyo.


Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.


nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.


sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;


njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.


Bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;


Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka