UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
UEksodusi 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bazala, banda, banda, baba namandla kakhulu; izwe lagcwala bona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona. |
UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.
Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.
Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.
Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.
Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; ngakho-ke abaxabananga; wayibiza ngokuthi iRehoboti; wathi: “Ngokuba manje uJehova usesenzele indawo, futhi siyakuzala ezweni.”
Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;
Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.
U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade.
UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.
Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.
Kodwa lapho bebacindezela kakhulu, kwayikhona banda, bakhula; Basebedabuka ngabantwana bakoIsrayeli.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi baya eSukoti, kungathi izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezihamba ngezinyawo, amadoda ngaphandle kwabantwana.
Wayesethi uFaro: “Bheka, abantu bezwe sebebaningi manje, nibayeke baphumule emithwalweni yabo.”
Ngakwenza wande njengembewu yasendle, wanda, wakhula, wafika emihlobeni emihle kakhulu;
UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wakhetha okhokho bethu, wabaphakamisa abantu lapho bengabafokazi ezweni laseGibhithe, futhi ngengalo ephakemeyo wabakhipha kulo.
Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.
Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.