Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 10:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Oyihlo behlela eGibhithe namadoda angamashumi ayisithupha; manje uJehova uNkulunkulu wakho unenze ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 10:22
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Yonke imiphefumulo eyafika noJakobe eGibhithe, eyaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, yonke imiphefumulo engamashumi ayisithupha nesithupha;


Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayeyimiphefumulo emibili; yonke imiphefumulo yendlu kaJakobe eyafika eGibithe yayingamashumi ayisithupha neshumi.


Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Yonke imiphefumulo eyaphuma okhalweni lukaJakobe yayiyimiphefumulo engamashumi ayisikhombisa, ngoba uJosefa wayeseGibhithe kakade.


Yilabo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.


Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.


UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.


UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


(UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makanandise ngokuphindwe kayinkulungwane kunalokhu eniyikho, anibusise njengokuthembisa kwakhe kini!)


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


Niyosala niyingcosana ngenani, nisebaningi njengezinkanyezi zezulu; ngoba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka