Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu;
UDuteronomi 8:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. IsiZulu 2020 Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe. |
Mina ngizakuba nguyise, yona ibe yindodana yami. Uma enza okubi, ngiyakumshaya ngenduku yabantu nangemivimbo yamadodana abantu;
Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe.
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.
Ngakho-ke, ndodana yomuntu, lungisa izinto zakho ozozithatha, uzisuse emini phambi kwamehlo abo; futhi kumelwe usuke endaweni yakho uye kwenye indawo phambi kwamehlo abo;
Ngenxa yokuthi uyeka futhi efulathela zonke iziphambeko zakhe azenzile, ngokuqinisekile uyophila, ngeke afe.
Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.
Ziqapheleni ukuba ningakhohlwa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu asenza nani, nizenzele isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wakho konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenqabele ngakho.
Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.
Kuphela ziqaphele, ulonde umphefumulo wakho, ukuze ungakhohlwa akubonayo amehlo akho, kungasuki enhliziyweni yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; kodwa uzifundise amadodana akho lamadodana amadodana akho;
Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.