Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 7:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 7:14
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uma becabanga ezweni abathunjelwe kulo, bephenduka, bancenge kuwe ezweni lalabo ababebathumbile, bethi: Sonile, senza okubi, senzile ububi;


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengokukhuluma kwabesifazane abayiziwula.” Ini? siyakwamukela okuhle esandleni sikaNkulunkulu, singamukeli okubi na? Kukho konke lokhu uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho.


Wafaka igama elisha emlonyeni wami, indumiso ngenkazimulo kaNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.


Ngisho nesiwula sigcwele amazwi; umuntu akakwazi ukusho ukuthi kuzoba yini; futhi okuzokwenzeka emva kwakhe, ngubani ongamtshela?


Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


“Ize leze,” usho umshumayeli; konke kuyize.


Ngakho ngiyabona ukuthi akukho okuhle kunokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe; ngoba lokhu kuyisabelo sakhe; ngoba ngubani ozamletha ukuze abone okuzakuba emva kwakhe?


isikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila nesikhathi sokusina;


Futhi zonke izinsuku zakhe udla ebumnyameni, futhi unosizi kanye nentukuthelo enkulu ngenxa yokugula kwakhe.


Ngoba kakwazi okuzakuba khona; ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuzakuba nini?


Hamba, udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ethokozayo; ngoba uNkulunkulu useyayemukela imisebenzi yakho.


Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.


Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.


Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya, aze afeze amacebo enhliziyo yakhe; ekupheleni kwezinsuku uyakukulalela ngokugcwele.


Akuphumi okubi nokuhle emlonyeni woPhezukonke na?


Izwi likaJehova libiza umuzi, nomuntu ohlakaniphileyo uyakubona igama lakho; lalela udondolo nolumisile.


Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Kumelwe ujabule ngazo zonke izinto ezinhle uJehova uNkulunkulu wakho akunike zona wena nendlu yakho, wena nomLevi nomfokazi ophakathi kwakho.


Ngoba anikhonzanga uJehova uNkulunkulu wenu ngentokozo langokuthokoza kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto zonke;


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova.


Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.


Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka