Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 8:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mina ngiyakuba nguyise, yona ibe yindodana yami; uma yenza okubi, ngiyakuyilaya ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu,


ngiyakuhambela izono zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo.


Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,


Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe, kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke.


Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kukaJehova, ungakhathazeki ngokusola kwakhe.


Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.


Yenama ngosuku lwenhlanhla, kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo, ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona emva kwakhe.


Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”


“Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


Ngokuba ebona, abuye ezeqweni zakhe zonke azenzileyo, uyakuphila nokuphila, angafi.


Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.


nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


“Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka