Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
UDuteronomi 34:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala nokumkhalela uMose. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose. |
Bafika esibuyeni sase-Athadi esingaphesheya kweJordani, bakhala khona ngesililo esikhulu nesinzima kakhulu; wamlilela uyise izinsuku eziyisikhombisa.
Zaphelela kuye izinsuku ezingamashumi amane; ngokuba zaphelela kanjalo izinsuku zokugqumisa; abaseGibithe bamlilela izinsuku ezingamashumi ayisikhombisa.
Abalungileyo bayabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; futhi abantu abanomusa bayasuswa, ngaphandle kokuthi olungileyo asuswe ebubini besikhathi esizayo.
Lapho yonke inhlangano ibona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela u-Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu ka-Israyeli.
UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, namandla akhe emvelo ayengakanciphi.
UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.