Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 2:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

Namuhla ngizoqala ukubeka ukwesatshwa kwakho nokwesaba kwakho phezu kwezizwe ezingaphansi kwalo lonke izulu eziyozwa ngawe futhi zithuthumele futhi zikwesabe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 2:25
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe.


Indaba kaDavide yaphumela emazweni onke; uJehova wabeka ukumesaba kwakhe phezu kwezizwe zonke.


IGibhithe lathokoza ekuphumeni kwabo, ngoba ukwesaba kwabo kwabehlela.


Ngiyakuthuma ingebhe yami phambi kwakho, ngibulale zonke izizwe oyakufika kuzo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.


Kuyakuba yigama lentokozo kimi, indumiso nodumo phambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyokuzwa konke okuhle engikwenzela zona; futhi bayokwesaba futhi bathuthumele ngenxa yabo bonke ubuhle nangenxa yakho yonke impumelelo engiyisebenzelayo.


UMowabi wayesesaba kakhulu abantu, ngokuba babebaningi; uMowabi wakhathazeka ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Akuyikuma muntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ukwesatshwa kwenu nokwesabeka kwenu ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengokusho kwakhe kini.


Bonke abantu bomhlaba bayobona ukuthi igama likaJehova libiziwe phezu kwakho; futhi bayokwesaba.


Besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu, njengomunye wemizi yenkosi, futhi lalilikhulu kune-Ayi, namadoda alo onke ayenamandla.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Ngokuba zatshelwa nokutshelwa ezincekwini zakho ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, abhubhise bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, ngalokho sahlupheka kakhulu, sesaba kakhulu. Ukuphila kwethu ngenxa yenu, futhi senza le nto.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.