Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:25 - IsiZulu 2020

25 Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Namuhla ngizoqala ukubeka ukwesatshwa kwakho nokwesaba kwakho phezu kwezizwe ezingaphansi kwalo lonke izulu eziyozwa ngawe futhi zithuthumele futhi zikwesabe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:25
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.


Igama likaDavide laphumela emazweni wonke; uSimakade wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.


IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


“Ngiyokwenza abantu abamelene nawe bangesabe; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, ngenze zonke izitha zakho zikubalekele.


Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’


AbakwaMowabi babesaba kakhulu abakwa-Israyeli, ngokuba babebaningi. UMowabi wangqangqazela luvalo ngenxa yabakwa-Israyeli.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.


wesaba kakhulu, ngokuba iGibheyoni yayingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nokuthi futhi inkulu kune-Ayi, namadoda wonke akhona angamaqhawe.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka