Abayinkulungwane bayakubalekela ukusolwa koyedwa; niyakubaleka esijezisweni sabahlanu, nize nihlale njengesibani esiqongweni sentaba nanjengebhanela egqumeni.
UDuteronomi 1:42 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wathi kimi: “Batshele ukuthi: Ningenyuki niyokulwa; ngoba kangikho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova wayesethi kimi: ‘Yisho kubo ukuthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.” ’ IsiZulu 2020 “USimakade wayesethi kimi: ‘Yisho kubo uthi: “Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba ngeke ngibe khona phakathi kwenu, funa zinehlule izitha zenu.” ’ |
Abayinkulungwane bayakubalekela ukusolwa koyedwa; niyakubaleka esijezisweni sabahlanu, nize nihlale njengesibani esiqongweni sentaba nanjengebhanela egqumeni.
Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.
Alwa ke amaFilisti, wahlulwa u-Israyeli, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; futhi kwaba khona ukubulala okukhulu kakhulu; ngoba kwa-Israyeli kwawa amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ayimigundatshani.
AmaFilisti azihlelela ukulwa no-Israyeli; babulala endle amadoda angaba yizinkulungwane ezine.