Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphanga, kungabikho muntu; yebo, maye kubo futhi lapho ngisuka kubo!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 9:12
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho uJehova wabathukuthelela kakhulu u-Israyeli, wabasusa ebusweni bakhe; akwasala muntu, isizwe sakwaJuda kuphela.


UJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njengokusho kwakhe ngezinceku zakhe zonke, abaprofethi. Ngakho u-Israyeli wathunjwa ezweni lakubo wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Uma abantwana bakhe banda, kungenxa yenkemba, nenzalo yakhe ayiyikusutha isinkwa.


Ngiyakuwela ngesiphephelo emasangweni ezwe; Ngiyakubaphanga abantwana babo, ngibhubhise abantu bami, ngokuba abaphendukanga ezindleleni zabo.


Mawufundiswe, Jerusalema, ukuze umphefumulo wami ungasuki kuwe; ukuze ngingakwenzi incithakalo, izwe elingahlalwa muntu.


Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenze kubani lokhu. Ingabe abesifazane bazodla izithelo zabo kanye nezingane isikhathi eside? umpristi nomprofethi bayakubulawa endlini engcwele kaJehova na?


Wabiza izesaba zami nxazonke njengosuku lomkhosi, kwaze kwathi ngosuku lolaka lukaJehova akubangakho owaphunyukayo noma owasalayo;


Maye kubo! ngoba bangibalekile, incithakalo iphezu kwabo. Ngoba beqile kimi; nakuba ngibahlengile, bakhuluma amanga ngami.


U-Efrayimi, njengalokho ngabona iTire, litshalwe endaweni emnandi, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.


U-Efrayimi ushayiwe, impande yabo yomile, abayikuthela; noma bezala, nokho ngiyakubulala isithelo esithandekayo sesisu sabo.


UJehova uyakumnquma ematendeni kaJakobe umuntu owenza lokhu, uJehova Sebawoti, noletha umhlatshelo kuJehova Sebawoti.


Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami.


Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Izaqalekiswa inzalo yesisu sakho, lesithelo selizwe lakho, lesanda senkomo zakho, lezimvu zezimvu zakho.


Amadodana akho namadodakazi akho ayonikwa esinye isizwe, futhi amehlo akho ayobabheka futhi aphele amandla usuku lonke, futhi ngeke kube namandla esandleni sakho.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


Inkemba evela ngaphandle nokwesaba okuvela ngaphakathi kuyobhubhisa insizwa kanye nentombi, nosane kanye nendoda esempunga.


Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu.


Kepha uMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi kaJehova wamesabisa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka