Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 4:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.


Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba.


Ngokuba ngangilambile, nanginika ukudla; ngangomile, nangiphuzisa;


Ngokuba ngangilambile, kepha aninginikanga ukudla;


Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba;


Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.


Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Ngiyakubavusela umprofethi phakathi kwabafowabo onjengawe, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe; futhi uyokhuluma kubo konke engimyala ngakho.


Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.


Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.