Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UJesu wayeseholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 4:1
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Bathi kuye: “Bheka, kukhona amadoda anamandla angamashumi ayisihlanu kanye nezinceku zakho; mawahambe ayofuna inkosi yakho, funa uMoya kaJehova ungenyuswanga wayiphonsa entabeni ethile noma esigodini esithile. Wathi: “Awunakuthuma.”


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova elisempumalanga, elibheke ngasempumalanga; phakathi kwabo ngabona uJahashaniya indodana ka-Ashuri noPhelathiya indodana kaBenaya, abaholi babantu.


Ngemva kwalokho uMoya wangiphakamisa wangisa embonweni ngoMoya kaNkulunkulu eKhalediya ezibotshwa. Ngakho umbono engawubonayo wenyuka usuka kimi.


UMoya wangiphakamisa, ngezwa emva kwami izwi lokubhonga okukhulu, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yayo.”


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


Emehlweni kaNkulunkulu wangingenisa elizweni lakoIsrayeli wangimisa entabeni ende kakhulu, eduze kwayo yayinjengogange lomuzi eningizimu.


UMoya wangiphakamisa, wangisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi.


Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.


Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.


Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Kodwa yilowo nalowo uyalingwa ehungwa ehungwa ngezakhe izinkanuko.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka