Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Kwase kufika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kulawa matshe abe yizinkwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 4:3
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.


Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Kodwa uJesu wathula. Umpristi omkhulu wasephendula wathi kuye: Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo, ukuthi usitshele ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;


Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu ukuthi ungangihluphi.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele;


Base bethi bonke: “Pho, uyiNdodana kaNkulunkulu na? Wathi kubo: “Nina nisho ukuthi nginguye.


USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.


Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.


Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha;


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.


UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?


Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, eyashunyayelwa kini yithina, mina noSilvanu noThimothewu, yayingesiye uyebo noqhabo, kodwa kuyo inguyebo.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.


funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye.


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


Engenayise, engenanina, engenanzalo, engenakuqala kwezinsuku, nakuphela kokuphila; kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu; uhlala engumphristi njalonjalo.


Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka