Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaLuka 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 walingwa nguSathane izinsuku ezingama-40. Akadlanga lutho ngalezo zinsuku; kuthe seziphelile, walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaLuka 4:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Wavuka, wadla, waphuza, ngamandla alokho kudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane waya eHorebe, intaba kaNkulunkulu.


Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.


UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi.


Yasimemezela, yenza ukuba kwaziwe eNineve ngomyalo wenkosi nezikhulu zayo, yathi: Makungabikho muntu nasilwane esinambitha utho; ungawavumeli adle, angaphuzi manzi.


Kwathi ebuyela emzini ekuseni, walamba.


Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.


USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.


Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Ngase ngiwa phansi phambi kukaJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, lapho ngawa phansi ekuqaleni; ngokuba uJehova ushilo ukuthi uyakunibhubhisa.


Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi.


Ngokuba kulokhu wahlupheka yena elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.


UmFilisti wayesesondela ekuseni nakusihlwa, wamhambela izinsuku ezingamashumi amane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka