U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka inezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
Mathewu 19:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” IsiZulu 2020 Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. |
U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka inezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana abancane, anisoze nangena embusweni wezulu.
Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.
Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.
Kodwa wathi kimi: Khangela, uzakhulelwa, uzale indodana; manje ungaphuzi wayini nasiphuzo esinamandla, ungadli lutho olungcolileyo; ngoba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kusukela esizalweni kuze kube lusuku lokufa kwakhe.
Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.
Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”
Eseyilunyulile wahamba naye, kanye nezinkunzi ezintathu ne-efa likafulawa nesaka lewayini, wamyisa endlini kaJehova eShilo, umntwana esemncane.
Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni.