Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 11:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 11:25
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umnini wezulu nomhlaba.


U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,


UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phakathi kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu wemibuso yonke yomhlaba; Wenze izulu nomhlaba.


Ngakho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


Kungakho abantu bemesaba;


Emlonyeni wezingane nezinsana unike amandla ngenxa yezitha zakho, ukuze uthulise isitha nabaphindisayo.


Maye kulabo abahlakaniphileyo emehlweni abo futhi bahlakaniphile kwawabo amehlo!


Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami. Iphi indlu oNgakhela yona? iphi indawo yami yokuphumula na?


Ngiyakubonga, ngiyakudumisa, Nkulunkulu wawobaba, owangipha ukuhlakanipha namandla, wangazisa lokho ebesikucela kuwe, ngokuba ususazisile manje indaba yenkosi.


Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’


UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?


Ethi: “Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi;


UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.


Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora.


Baba, khazimulisa ibizo lakho. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.


UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena eyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe;


Kepha izingqondo zabo zaphuphuthekiswa, ngokuba kuze kube namuhla sisalokhu kufundwa isivumelwano esidala singambulwanga. Okuyindwangu echithwa kuKristu.


Kodwa uSamuweli wayesebenza esemncane phambi kukaJehova, ebhince isambatho samahlombe selineni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka