Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, bese ngimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti mpuco ekhanda lakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 1:11
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angigcine kule ndlela engiyihambayo, anginike isinkwa sokudla nezingubo zokwembatha,


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.


UNkulunkulu wacabanga ngoRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, uJehova angibuyisele kahle namuhla ngesiqalekiso sakhe.


Bheka usizi nobuhlungu bami; futhi uthethelele zonke izono zami.


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


Yini, ndodana yami? kanti yini, ndodana yesizalo sami? kanti yini, ndodana yezithembiso zami?


Nxa wenza isithembiso kuNkulunkulu, ungalibali ukusigcwalisa; ngoba akathokozi ngeziwula; khokha lokho okuthembisile.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Uba umuntu enze isithembiso esisodwa, abantu ngokulinganisa kwenu bazakuba ngekaJehova.


U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma ngempela unikela laba bantu esandleni sami, ngiyakushaya imizi yabo ngesiqalekiso.


Umpristi kumelwe anikele elinye libe ngumnikelo wesono elinye libe ngumnikelo wokushiswa amenzele isihlawulelo ngenxa yokuthi wonile ngofileyo, futhi ngalolo suku kumelwe angcwelise ikhanda lakhe.


Zonke izinsuku zesithembiso sokuzehlukanisa kwakhe akuyikunqunyulwa mpuco ekhanda lakhe; zize zigcwaliseke izinsuku zokuzahlukanisela kwakhe uJehova, uyakuba ngcwele, ayeke ukuhluthuka kwekhanda lakhe kukhule.


Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.


UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami ngaphandle kokulibala,


Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.


Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu.


Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.


Kepha uHana akakhuphukanga; ngokuba wathi endodeni yakhe: “Angiyikukhuphuka umntwana aze alunyulwe; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona kuze kube phakade.”


Ngamkhulekela lomntwana; futhi iNkosi yanginika umkhuleko engawucela kuyo.


Ngalokho nami ngimnike uJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe uyakuba ngobolekiwe kuJehova. Wakhuleka kuJehova khona.


U-Eli wambusisa u-Elkana nomkakhe, wathi: “UJehova makakuphe inzalo ngalo wesifazane esikhundleni sokubolekwa uJehova. Basuka baya endlini yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka