Lapho inkosi uJehoyakimi nawo onke amaqhawe ayo nazo zonke izikhulu zezwa amazwi ayo, inkosi yazama ukumbulala; kepha u-Uriya esezwile wesaba, wabaleka, waya eGibithe;
Mathewu 10:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. IsiZulu 2020 Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. |
Lapho inkosi uJehoyakimi nawo onke amaqhawe ayo nazo zonke izikhulu zezwa amazwi ayo, inkosi yazama ukumbulala; kepha u-Uriya esezwile wesaba, wabaleka, waya eGibithe;
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”
Kwathi sezimukile, khangela, ingilosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: Vuka uthathe umntwana omncane lonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikubikele; izofuna umntwana omncane ukuba ambhubhise.
Ngakho-ke, bhekani, mina ngithumela kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubashaya emasinagogeni enu, nibazingele imizi ngemizi;
Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lukhanye kuze kube sentshonalanga; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.
Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.
Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.
UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.
Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo.
Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?
Emva kwalokho uJesu wahambahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, ngokuba abaJuda babefuna ukumbulala.
Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.
Khona masinyane abazalwane bamukisa uPawulu ukuba ahambe ngaselwandle, kepha oSila noThimothewu basala.
Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya.
Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.