Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 10:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kodwa oqiniselayo kuze kube sekupheleni, uyakusindiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 10:22
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umuntu ongalungile uyisinengiso kolungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso kwababi.


Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.


Ekubekezeleni kwenu niyazuza imiphefumulo yenu.


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.


Izwe lingenizonde; kodwa mina liyangizonda, ngoba ngifakaza ngalo, ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.


Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.


Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda.


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni, ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;


wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka