Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 26:64 - Contemporary Zulu Bible 2024

64 UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

64 UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

64 UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

64 UJesu wathi kuye: “Wena ushilo; nokho ngithi kini: Kusukela manje nizakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 26:64
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ihubo likaDavide. UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.


Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.


Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho?


Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, khona-ke izizwe zonke zomhlaba ziyakuzila, futhi zibone iNdodana yomuntu iza ngamafu ezulu inamandla nenkazimulo enkulu.


Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.


Wasephendula uJudasi owamnikelayo, wathi: Nkosi, kambe? Wathi kuye: “Wena ushilo.”


UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena.


UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.


Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu.


Kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.


Base bethi bonke: “Pho, uyiNdodana kaNkulunkulu na? Wathi kubo: “Nina nisho ukuthi nginguye.


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.


Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.


Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka