KwabaseKolose 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. IsiZulu 2020 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga. Baasraak Zulu New Testament Bible Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga; |
Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.
Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;
Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;
Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.
Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.
Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.