Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 4:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 4:6
45 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha lalela umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, ukuba uzwe ukukhala nomkhuleko inceku yakho ewukhulekayo phambi kwakho namuhla.


Ngalokho inkosi uHezekiya no-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, bakhuleka, babiza ezulwini.


Jehova, vula izindebe zami; futhi umlomo wami uyoshumayela indumiso yakho.


Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami.


Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.


Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Shiya imisebenzi yakho kuJehova, khona-ke imicabango yakho iyakuma.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


Lapho nginika uBharuki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga, ngakhuleka kuJehova ngathi:


Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.


OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, asiqinanga ukuba sikuphendule ngale ndaba.


UDaniyeli esezwile ukuthi umbhalo usayiniwe, wangena endlini yakhe; amafasitele ekamelo lakhe evulekile ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ebenzile ngaphambili.


Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.


Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.


Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyazihlupha ngokwalo. Banele usuku ububi balo.


Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.


Jesu a araba, a re ho yena: Maretha, Maretha, o itshwenya, o tshwenyehile ka tse ngata;


Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani.


Futhi ningafuni eniyakudlani noma niyakuphuza, futhi ningabi ngabangabaza.


Wayesebatshela nomfanekiso wokuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali;


Futhi uNkulunkulu kayikuphindisela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini lebusuku, lanxa ebabekezelela?


Ubizwe uyisigqila na? ungakhathazeki, kepha uma ungakhululwa, kusebenzise kakhulu.


Kodwa ngithanda ukuthi lingabi lakukhathazeka. Ongashadile ukhathalela okweNkosi, ukuthi angayithokozisa kanjani iNkosi;


Nani nisiza kanye nathi ngokusikhulekela, ukuze isipho esisiphiwe thina ngabantu abaningi sibongwe ngabaningi ngenxa yethu.


nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga;


Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokunxusa, nokubonga kwenzelwe abantu bonke;


Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.


Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;


Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela.


UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.


UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.


USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka