Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseKolose 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseKolose 4:3
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu onamandla, nabamelene nami baningi.


Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Ngakho-ke ekufikeni kwami eTrowa ukutshumayela ivangeli likaKristu, ngasengivulelwe umnyango eNkosini.


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),


okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;


nokwenza bonke babone ukuthi iyini inhlanganyelo yemfihlakalo ebifihliwe kuNkulunkulu kusukela kwasekuqaleni, owadala izinto zonke ngoJesu Kristu;


Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;


Ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungiphendulela kube yinsindiso ngokukhuleka kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,


njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.


ngitsho imfihlakalo ebifihliwe kusukela kudala lezizukulwaneni, kodwa khathesi ibonakalisiwe kwabangcwele bakhe;


Isibingelelo ngesandla sami mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani. Amen. (Yabhalwa uThikhiku no-Onesimu isuka eRoma yaya kwabaseKolose.)


INkosi mayiphe umusa endlini ka-Onesiforu; ngokuba wangiqabula kaningi, akabanga namahloni ngamaketanga ami;


engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Kodwa phezu kwalokho ngilungisele indawo yokuhlala, ngoba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizaphiwa kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka