Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 4:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 4:7
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zase zimphuzisa uyise iwayini nangabo lobo busuku, encane yasuka yalala naye; futhi akabonanga lapho elala nalapho evuka.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Ukuphela kufikile, ukuphela kufikile; liyakuqapha; bheka, selifikile.


Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngasiphi isikhathi.


Ngakho lindani, ngokuba anazi usuku nehora iNdodana yomuntu eza ngayo.


Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe.


Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.


Wathi kubo: “Nilaleleni na? sukumani nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni.


Jabulani ethembeni; ubekezele osizini; niqinise emthandazweni;


Khona-ke kufika ukuphela, lapho eyakunikela umbuso kuNkulunkulu uYise; lapho esechithile konke ukubusa labo bonke ubukhosi lamandla.


Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.


Qhubekani nikhuleka, nilinde kukho ngokubonga;


Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.


Isifundisa ukuthi, sidele ukungamesabi uNkulunkulu nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kuleli zwe lamanje;


singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.


Ngokuba ngabe ngabe uhluphekile kaningi selokhu kwasekelwa izwe, kepha manje usebonakalisiwe kanye ekupheleni kwezwe ukuba asuse isono ngomhlatshelo wakhe.


Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Kanjalo nani madoda, hlalani nabo ngokokwazi, nibanike udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, nanjengezindlalifa kanye nani zomusa wokuphila; ukuze imikhuleko yenu ithiye.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka