Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
KwabaseGalathiya 1:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho ngafika emazweni aseSiriya naseKhilikhiya; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya. IsiZulu 2020 Emveni kwalokho, ngaya ezifundeni eSiriya naseKhilikhiya. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho ngafika emazweni aseSiriya naseKhilikhiya; |
Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.
Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;
UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.
Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.
Kodwa uPawuli wathi: Mina ngiyindoda engumJuda waseTarsu yeKhilikhiya, isakhamuzi somuzi ongelutho;
Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.
Kwathi umbusi eseyifundile incwadi, wabuza ukuthi ungowasiphi isifunda; Kwathi esezwile ukuthi ungowaseKhilikhiya;
Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;