Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 18:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 18:18
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UmNaziri uyakuphuca ikhanda lesigaba sakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lesigaba sakhe, aziphonse emlilweni ophansi komnikelo wokuthula.


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa indoda kumbe owesifazana ezahlukanisa ukwenza isithembiso somNaziri, ukuzahlukanisela eNkosini;


Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.


Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka.


Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).


Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;


Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.


Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.


Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu.


Kwathi esezimisele ukudlulela eAkhaya, abazalwane baloba, bekhuthaza abafundi ukuthi bamamukele;


Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Sinamadoda amane anesithembiso phezu kwawo;


Bathathe, uzihlambulule kanye nabo, ube necala kubo, ukuze baphuce amakhanda abo, bazi bonke ukuthi akulutho lokho abakubikelwe ngawe; kodwa ukuthi lawe uhamba ngokufaneleyo njalo ugcina umlayo.


Kwathi sesiyibonile iKhupro, sayishiya ngakwesokhohlo, sangena ngomkhumbi eSiriya, sehla eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona umthwalo wawo.


Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya;


KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;


Emva kwalokho ngafika emazweni aseSiriya naseKhilikhiya;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka