Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 18:18 - IsiZulu 2020

18 Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 18:18
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘Umnaziri uyophuca ikhanda lobunaziri bakhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobunaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade,


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.


Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:


Baloba ngesandla sabo incwadi ethi: “Abaphostoli, amalunga, nabazalwane, bayababingelela abazalwane babezizwe kulo lonke elase-Antiyokhiya, eSiriya naseKhilikhiya.


Wadabula eSiriya naseKhilikhiya, ehamba eqinisa amabandla.


Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona.


Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.


Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa,


Ngakho-ke yenza lokhu esizakukutshela khona: kukhona phakathi kwethu amadoda amane azibophile ngesifungo,


wathathe uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuze aphuce amakhanda, khona bonke bezokwazi ukuthi akukho lutho oluliqiniso kulokho okubikiwe ngawe, kodwa ukuthi nawe uyavumelana nomthetho futhi uyawugcina.


Kwathi sesiyibona iKhuphro saze sayedlula, siyishiya ngemuva ngakwesokhohlo, saya eSiriya. Safika echwebeni eThire, ngokuba umkhumbi wawuzokwethula lapho izimpahla.


Ngiyamncoma kini udadewethu, uFoyibe, oyidikoni ebandleni laseKhenikhreya,


KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda. Kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho nakuba mina ngingephansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho.


Emveni kwalokho, ngaya ezifundeni eSiriya naseKhilikhiya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka