UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
KwabaseGalathiya 1:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, IsiZulu 2020 ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi. Baasraak Zulu New Testament Bible ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi. |
UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.
Lindani, nikhuleke, ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu.
Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;
Ngokuba ngikhuluma kini nina bezizwe, lokhu ngingumphostoli wabezizwe, ngiphakamisa isikhundla sami;
Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa lombuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa lokungonakali.
Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi.
Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu.
Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.
owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.
besenqabela ukuthi sikhulume kwabezizwe ukuze basindiswe, bagcwalise izono zabo njalonjalo;
Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;