Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
KumaHeberu 9:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uKristu esefikile engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kakhulu, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingelona elalesi sakhiwo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, IsiZulu 2020 Kepha manje uKhristu usefike waba ngumphristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula ithabanakeli elikhulu nelipheleleyo, elingenziwanga ngezandla, okusho ukuthi okungesilo elalokhu kudalwa; Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uKristu esefikile engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kakhulu, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingelona elalesi sakhiwo; |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Futhi uMsindisi uyofika eSiyoni nakulabo ababuya eziphambekweni kwaJakobe,” kusho uJehova.
Ngiyakubahlambulula ebubini babo bonke abone ngabo kimi; futhi ngizobathethelela zonke iziphambeko zabo abone ngazo futhi eqe ngazo kimi.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.
Thina samuzwa ethi: Mina ngizadiliza lelithempeli elenziwe ngezandla, njalo ngensuku ezintathu ngizakwakha elinye elingenziwe ngezandla.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi.
Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.
Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.
Ngokuba umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.
Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;
Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.
Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
Ngokuba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile enyameni. Lo ungumkhohlisi nomphikukristu.