Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 9:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 kungengegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngelakhe igazi wangena kanye nje endaweni engcwele, esizuzele ukukhululwa okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 kungengegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngelakhe igazi wangena kanye nje endaweni engcwele, esizuzele ukukhululwa okuphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 9:12
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.


Khona-ke kumelwe ahlabe imbuzi yomnikelo wesono eqondene nabantu, alethe igazi layo evelini enze kulelo gazi njengoba enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwesihe isihlalo:


Uma umpristi ogcotshiweyo ona njengesono sabantu; woletha kuJehova iduna elingenasici, libe ngumnikelo wesono ngesono sakhe one ngaso.


Thatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezingubo, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama ezimbili, neqoma lesinkwa esingenamvubelo;


Waletha umhlatshelo wabantu, wathatha impongo, eyayingumnikelo wesono wabantu, wayihlaba, wanikela ngayo njengomnikelo wesono njengeyokuqala.


Ngokuba bheka, itshe engalibeka phambi kukaJoshuwa; etsheni linye kuyakuba namehlo ayisikhombisa; bheka, ngiyakuqopha umbhalo wakhe,” usho uJehova Sebawoti, “ngisuse ububi balelo zwe ngalusuku lunye.


Kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele akanakuthethelelwa naphakade, kodwa ulecala lokulahlwa okuphakade;


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe;


esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono;


nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.


Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;


Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu.


Ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


futhi esephelelisiwe, waba yinhloko yensindiso ephakade kubo bonke abamlalelayo;


ongadingi insuku ngensuku njengabapristi abakhulu ukuthi anikele imihlatshelo kuqala ngezakhe izono, andukuba ezezabantu;


Ngoba uba igazi lezinkunzi lelezimbuzi lomlotha wethokazi ufafaza abangcolileyo, kungcwelisela ekuhlambululeni inyama;


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.


Ngokuba uMose eseshilo yonke imiyalo kubantu bonke ngokomthetho, wathatha igazi lamathole nelezimbuzi, kanye namanzi, noboya obubomvu, nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke;


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka