Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 33:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakubahlambulula ebubini babo bonke abone ngabo kimi; futhi ngizobathethelela zonke iziphambeko zabo abone ngazo futhi eqe ngazo kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 33:8
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe.


Iyakukhulula u-Israyeli kuzo zonke izono zakhe.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Iziphambeko ziyanginqoba: wena wesule iziphambeko zethu.


Ngalolo suku inkatho kaJehova iyakuba yinhle nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba yinhle, zithandeke kwabaphunyukileyo kwa-Israyeli.


Ngesula iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengefu; buyela Kimi; ngoba ngikuhlengile.


Ngisho nami ngiyobaletha entabeni yami engcwele futhi bajabule endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa neminikelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami; ngoba indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yabantu bonke.


Abasayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, bathi: ‘Yazini uJehova, ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuye komkhulu phakathi kwabo, usho uJehova; ngoba ngizabathethelela. Ububi, nesono sabo angisayikusikhumbula.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ububi buka-Israyeli, kepha abuyikuba khona; nezono zikaJuda aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibagcinayo.


Isijeziso sobubi bakho siphelele, ndodakazi yaseZiyoni! Akasayikukuyisa ekudingisweni; Uyakuhambela ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi; uzakwambula izono zakho.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Usho kanje uJehova, uthi: Mhla nginihlanza kubo bonke ububi benu, ngiyakunenza nihlale emizini, kwakhiwe amanxiwa.


Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni.


Ngokuba ngalolo suku umpristi uyakunenzela ukubuyisana ukuba anihlambulule, nihlambuluke ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.


Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo endlini kaDavide nabakhileyo eJerusalema, wesono nowokungcola.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka