Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 49:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 49:10
58 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nguye ozakwakhela ibizo lami indlu, njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kuze kube nininini.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.


Abantwana bakwaJuda abaphatha isihlangu nomkhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele impi.


Bahlala lapho noDavide izinsuku ezintathu, badla, baphuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.


IGileyadi ingeyami; ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;


Ngubani ozangingenisa emzini oqinileyo? ngubani ongangiyisa kwa-Edomi na?


Kepha wakhetha isizwe sakwaJuda, iNtaba yaseSiyoni ayithandayo.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime njengebhanela labantu; emva kwalokho abezizwe bayakufuna, nokuphumula kwakhe kuyakuba yinkazimulo.


Ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; izizwe zonke ziyakubuthanela khona.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Vuka, ukhanye; ngoba ukukhanya kwakho kufikile, lenkazimulo yeNKOSI iphuma phezu kwakho.


Bhekani, uJehova umemezele kuze kube sekugcineni komhlaba: “Yishoni endodakazini yaseSiyoni ukuthi: “Bheka, insindiso yakho iyeza; bheka, inkokhelo yakhe inaye, uyasebenza phambi kwakhe.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Izikhulu zabo ziyophuma kubo, umbusi wabo aphume phakathi kwabo; ngiyakumsondeza, asondele Kimi; kusho uJehova.


Njalo ngizayilahla inzalo kaJakobe lenceku yami uDavida, ukuze ngingathathi loyedwa wenzalo yakhe abe ngumbusi phezu kwenzalo kaAbrahama, uIsaka loJakobe; ngoba ngizabuyisela ukuthunjwa kwabo lesihawu phezu kwabo.


Wawunezinduku zobukhosi eziqinile zababusayo, nesimo sawo sasiphakeme phakathi kwamagatsha aminyene, wabonakala ekuphakameni kwawo ngobuningi bamagatsha awo.


Kwaphuma umlilo odondolweni lwamagatsha awo, wadla isithelo sawo, akwaze kwaba nodondolo olunamandla lokuba yintonga yobukhosi. Kuyisililo, futhi kuyoba ngelesililo.


Ngizakuhlehlisa, ngikuhlehlise, ngikuhlehlise; futhi ngeke kusaba khona aze afike lowo okungelungelo lakhe; futhi ngizomnika yona.


Uzakuba yinkuni yomlilo; igazi lakho liyakuba phakathi kwezwe; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikukhulumile.


Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.


U-Efrayimi ungihaqile ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso, kepha uJuda usabusa noNkulunkulu, uthembekile kwabangcwele.


Khathesi buthanani ngamaviyo, ndodakazi yamabandla; Wasivimbezela; bayoshaya umahluleli ka-Israyeli esihlathini ngodondolo.


Ngiyozamazamisa zonke izizwe, futhi okufiselekayo kuzo zonke izizwe kuyofika; ngiyakuyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,” usho uJehova Sebawoti.


Futhi uyodabula ulwandle ngosizi futhi ashaye amagagasi olwandle, futhi zonke izizinda zomfula ziyokoma; nokuzigqaja kwe-Asiriya kuyakwehliswa, nentonga yobukhosi yaseGibithe iyomuka.


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


Izikhulu zawugebha umthombo, izikhulu zabantu zawugebha ngezinduku zawo ngomyalo womthetho. Basuka ehlane baya eMathana.


Ngiyakumbona, kodwa hhayi manje; Ngiyakumbona, kodwa hhayi eduze; kuyakuvela inkanyezi kuJakobe, nentonga yobukhosi iyakwenyuka kwa-Israyeli, ishaye imikhawulo yakwaMowabi, nabo bonke abantwana bakwaSheti.


Uyakuvela kuJakobe umbusi, achithe insali yomuzi.


Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Izixuku ezazihamba ngaphambili neziyilandela zamemeza zathi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi; Hosana kweliphezulu.


Kuyakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi;


Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.


UPilatu wayesethi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini. Ngakho amaJuda athi kuye: Kakuvunyelwa kithi ukuthi sibulale umuntu.


Kusukela lapho uPilatu wafuna ukumkhulula, kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lo, awusiye umngane kaKesari;


Kodwa bamemeza bathi: Susa, susa, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo: Ngibethele inkosi yenu na? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Kasilankosi ngaphandle kukaKesari.


Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.


Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Nomncane wakhe ophumela phakathi kwezinyawo zakhe, nabantwana bakhe abayakubazala; ngoba iyobadla ngasese ngokuswela kwakho konke ekuvinjezelweni nasekucindezelweni isitha sakho esiyakukucindezela ngakho emasangweni akho.


Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka