Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 4:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 4:15
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ungamcindezeli umfokazi, ngokuba niyayazi inhliziyo yomfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Futhi wenza ithuna lakhe kanye nababi kanye nabacebile ekufeni kwakhe; ngoba akenzanga ubudlova, futhi kwakungekho nkohliso emlonyeni wakhe.


Ngingakulahla kanjani, Efrayimi? ngingakusindisa kanjani, Israyeli? ngingakufanisa kanjani ne-Adma? ngingakumisa kanjani njengeSeboyimi na? inhliziyo yami yaphenduka phakathi kwami, ukuzisola kwami kwavutha kanyekanye.


Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.


Khona uJesu waholekela nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.


Nina ningabo abaye bahlala nami ekulingweni kwami.


Elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.


Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na?


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe;


Niyazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono zethu; njalo kakulasono kuye.