Johane 10:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.” IsiZulu 2020 Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.” Baasraak Zulu New Testament Bible Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba. |
Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.
Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;
Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;
Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.
Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.
uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.
owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge kubo bonke ububi, futhi azihlambulule isizwe esiyisizwe, esishisekela imisebenzi emihle.
Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.