Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

24 Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 2:24
45 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

O Jehova, isibili, ngiyinceku yakho; ngiyinceku yakho nendodana yencekukazi yakho; Uzithukululile izibopho zami.


Kodwa akaqondile, nenhliziyo yakhe ayicabangi kanjalo; kodwa kusenhliziyweni yakhe ukungabhubhisi nokuqothula izizwe ezimbalwa.


Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.


Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.


Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.


Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;


besithi: Nkosi, siyakhumbula ukuthi umkhohlisi lowo esaphila wathi: Emva kwezinsuku ezintathu ngizavuka.


Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.


Uma wababiza ngokuthi ngonkulunkulu, okwafika kubo izwi likaNkulunkulu, nombhalo ungeqiwe;


Ngakho kabakholwanga, ngoba uIsaya waphinda wathi:


Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo.


Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu.


Kodwa uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo;


Kodwa lowo uNkulunkulu amvusayo kakubonanga ukubola.


Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.


LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke.


Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo, ngaye lo umi lapha phambi kwenu esindile.


UNkulunkulu wawokhokho bethu wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka esihlahleni.


Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.


Ngoba ngenxa yalokhu uKristu wafa, wabuye wavuka, waphila, ukuze abe yiNkosi yabafileyo nabaphilayo.


Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo;


Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.


Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.


Kepha uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvukile kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?


Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga bakaNkulunkulu; ngoba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga, uba kambe abafileyo bengavuki.


Kodwa kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, elulibo lwabaleleyo.


lokuthi wembelwa, lokuthi wavuka ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo;


UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.


sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani.


UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;


awenza kuKristu, lapho emvusa kwabafileyo, wammisa ngakwesokunene sakhe emazulwini,


Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka