Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 5:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

26 Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 5:26
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.


Zingakaveli izintaba, kungakhathaliseki ukuthi wawenza umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube phakade wena unguNkulunkulu.


UNkulunkulu wathi kuMose: NGINGENAKHO ENGIKHONA; wathi: Uzakutsho njalo kubantwana bakoIsrayeli ukuthi: UNGUYE ungithumile kini.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.


Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.


UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila.


Nalowo ophilayo ekholwa yimi kasoze afa naphakade. Uyakukholwa lokhu na?


Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.


Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;


Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Ekugcineni kwalezinsuku ukhulumile kithi ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, futhi enza ngayo futhi izwe;


Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka