Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 10:18 - IsiZulu 2020

18 Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 10:18
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Mina ngingumelusi omuhle. Umelusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi.


kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.


“Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho.


nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka