Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 5:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwabuthana nezindimbane zivela emizini ezungeze iJerusalema, zithwele abagulayo nabahlukunyezwa ngomoya abangcolileyo. Baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kwabuthana futhi isixuku esivela emadolobheni azungeze iJerusalema, bethwele abagulayo nabakhathazwa imimoya engcolile, baphulukiswa bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 5:16
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona uHerode, ebona ukuthi uklolodelwe yizazi, wathukuthela kakhulu; isikhathi ayebuzisise ngaso kwabahlakaniphileyo.


Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.


Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abanengi ababekhwelwe ngamadimoni;


Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. Khona ukubaphulukisa.


Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa.


Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.


Ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa; nokuthi izibonakaliso nezimangaliso zenziwe ngegama leNdodana yakho engcwele uJesu.


Baze bakhiphela phandle abagulayo emigwaqweni, bababeka emibhedeni nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPetru edlula, sisibekele abanye kubo isithunzi.


Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;


omunye ukholo ngaye lowoMoya; omunye izipho zokuphulukisa ngaye lowoMoya;


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.