Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 2:47 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 2:47
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa babengatholi abangakwenza, ngoba ixuku lonke lalilalela ukumuzwa.


UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni nasekukhuleni nasekuthandeni uNkulunkulu nakubantu.


Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.


Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Kwathi abezizwe bekuzwa lokho bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.


Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.


Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya;


Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla.


Ngakho-ke abaningi kubo bakholwa; nabesifazane abahloniphekayo abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.


Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.


Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.


Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.


Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.


Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini.


Ngokuba okhonza uKristu ngalezizinto uyemukeleka kuNkulunkulu, ukholekile ebantwini.


Phezu kwalokho abamisele ngaphambili, labo futhi ababizile;


UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi: Lanxa umumo wabantwana bakoIsrayeli ungangesihlabathi solwandle, insali izasindiswa;


Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu.