Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 11:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Isandla seNkosi sasinabo, abantu abaningi kakhulu bakholwa, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 11:21
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.


Ngoba ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBhabhiloni, futhi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema, ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esiphezu kwethu basilethela indoda ehlakaniphileyo emadodaneni kaMagi, indodana kaLevi, indodana ka-Israyeli; noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili;


Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami; kanjalo namazwi enkosi eyawakhuluma kimi. Bathi: “Masisuke sakhe.” Ngakho baqinisa izandla zabo kulomsebenzi omuhle.


nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.


Ngubani owakholwa umbiko wethu? lengalo yeNKOSI yambulelwa bani?


Bheka, isandla sikaJehova asisifushane ukuba sikhulule; nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa;


Bonke abazizwayo bakubeka ezinhliziyweni zabo, bethi: “Lo mntwana uyakuba yini na? Futhi isandla sikaJehova sasinaye.


Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.


Ngakho-ke mina ngithi singabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu;


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.


Abakholwayo baqhubeka benezelwa eNkosini, izixuku zabesilisa nabesifazane.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini.


Ngokuba ivangeli lethu alifikanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokuqiniseka okukhulu; njengokuba nazi ukuthi sasinjani phakathi kwenu ngenxa yenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka